Yimiphi imibhalo efaneleyo yokulekelela umhlangano osemthethweni?
Yiziphi izinqumo ekumele amakomoti ezinqceme azilandele ukuze umhlangano ube yimpumelelo?
Iyiphi imithetho noma imidanti yokuqhuba umhlangano?
Yimaphi amatemu asetshenziswa emhlanganweni?
Amalungu onke aziswa ngomhlangano kusenesikhathi?
Wonke amalungu alithola ithuba lokuphawula nge Ajenda?
Amaminithi omhlangano odlule atholakala lungakafikiusuku lomhlangano?
Afundwa amaminithi omhlangano odlule neziphakamisoezamiswa zalandelwa na?
Izincwadi noma iposi lalilungele ukwethulwa na?
Akhona amalungu okwakumele anike imibiko ngokuthize?
Ayazi ukuthi kemele lemibiko ayinike nini futhi nesikhathianaso ukunika lemibiko?
Umhlangano waqala ngesikhathi esifanele?
Isikhathi sasibhekiwe sonke isikhathi, futhi kwakucacileukuthi umhlangano uzophela nini?
Wonke amalungu alithola ithuba lokuphawula anikeimibono yawo ngesikhathi sezingxoxo?
Kwakukhona ukugoqwa kwezinkulumo umhlanganousaqhubeka nangenkathi usuphela?
Abantu banikezwa imisebenzi noma okumele bakwenze emhlanganweni?
USihlalo wabheka ukuthi labo abanikwa umsebenzi emhlanganweni odlule bawenzile na?
Ayenziwe yini amalungiselelo ezivakashi noma izikhulumizosuku?
Wonke amalungu anelungelo lokuthamela umhlangano kumele athole isaziso somhlangano kusekhona isikhathi ukuze akwazi ukulungiselela umhlangano. Kujwayeleke ukuthi kube umsebenzi kaNobhala ukukhipha isaziso.
Usuku, isikhathi nendawo lapho umhlangano ozokwenzekakhona.
Inika amalungu isikhathi sokwenza umsebenzingokuzoxoxwa ekhaya.
Ikhomba lowomsebenzi okuzobe kuxoxwa ngawo.
Isiza ekubhaleni amaminithi.
Abaxolisile, abaphuthile nohla lwalobobonke abakhona.
Igama likaSihlalo noNobhala obhale minithi.
Amaminithi omhlangano odlule kwavunyelwana ngawo, noma yiziphi izichibiyelo ezenziwa.
Imibhalo yakho konke okubalulekile okwaxowa ngakho, nezinqumo ezathathwa kuleso naleso sihloko.
Okumele kwenziwe, kwenziwe ubani, kwenziwe nini.
Usuku lomhlangano olandelayo.
Ngingawubhala umlando noma ulwazi olungumsukawendaba?
Impendulo: Cha. Okumele ukusho ukuthi udaba lwasukaphi?
Ungangeni kunoxhaka wokubhalela ababengekhoemhlanganweni. Uma ubhala konke okwashiwo, uzogcina usubhala ibhuku elincane njalongomhlangano.
Impendulo: Cha. Okujwayelejkile ukuthi amaminithi ashookwashiwo hhayi ukuthi kwashiwo ngubani.
Umbuzo: Ngisebenzisa siphi isiqu?
Umbuzo: kusetshenziswa yiphi inkathi?
Impendulo: Lalela umyalezo noma iphuzu bese ukubela ngendlela yakho. Ukubhala amaminithi kuyikhonoelibandakanya ukutolika hhayi ukubhalangokushesha.. Qaphela ukungenela bese usuyawasebenzisa, noma ulandele labo abakhulumabacacise - lokhu kuzokwenza amaminithi abe nokuchema. Kubalulekile ukuthi amaminithi abhalwe ngendlela yokungachemi, kufanele amele leyongxoxonjengoba ixoxiwe kungabi indlela okuxoxwe ngayo.
Bheka isijobelelo 9 - okuyisibonelo samaminithi.
Nazi izinkomba ezilungiselwe ukusiza ikhansela lesigceme, eliwusihlalo wekomidi lesigceme ukulungiselela umhlanganowokuqala. Uma ikomidi selike lahlangana lakhetha uNobhala, ilowomuntu osezosiza ikhansela ukuphatha indawo kaSihlalo.
Uma ikhansela liwumuntu ohlelekile njengosihlalo, kungabalulaukudlulisela ngomsebenzi kwamanye amalungu ekomidi, ngalokhoumhlangano bese uhamba kahle.
Usukhombile futhi wabekisa indawo lapho ikomidilizohlanganela khona njalo. -khumbula lokhu kumele kube indawo yomphakathi hhayi ikhaya lomuntu.
Loku kuyasiza ngoba ikomidi lesigceme nalo selingakwaziukuhlela isikhathi salo kulowonyaka.
Uyilungisile yini iajenda yomhlangano ozayo?
Usuke walucabanga usuku lomhlangano wokwakha uhlelolonyaka lwemisebenzi (Bheka isahluko10)?
Lemihlangano isiza ikhansela nekomidi nekomidi lesigcemeukuthi bazi futhi baqonde izindingo zomphakathi.
Khetha abantu ezikhundleni- kumele ube noNobhala ubone ukuthi mhlawumbe uyamdinga nosikhwama.
Emhlanganweni wokuqala, amalungu ekomidi awazaneahlanganyele ngalokho afuna ukukufeza njengamalunguekomidi lesigceme.
Cela unobhala akhe uhla lalapho amalungu engatholakalakhona bese wonke amalungu ekomidi ethola ikhophi.
Bheka isijobelelo 12 yesibonelo sohla lwamakomidiesigceme.
kungavunyelwana Ukuthi imihlangano ibe nini.
Misa umhlangano wokwakha uhlelo lonyaka. Lokhukungaba umhlangano ophuthumayo noma owekomotiolandelayo.
Yaba izikhundla eg. Ezezindlu, ezempilo, ezenhlala kahle, intuthuko yezomnotho nokunye.
Ukuthatha amaminithi ayo yonke imihlangano ibizweusihlalo nekomidi lesigceme.
Abantu babuyela amaminithi ukubheka ngezinqumoezithathwe emhlanganweni.
Nikeza isaziso ngomhlangano. Yazisa ngesikhathinangendawo isikhathi sisekhona. Njengoba sekushiwo, unobhala uyena owenza lokhu.
Usihlalo uzovula umhlangano afunde I-ajendangokulandelana kwayo.
Babhale bonke abakhona. Ungakwenza lokhu ngokubanerejista noma uhla lwabakhona. Bheka isijobelelo 13uthole isibonakaliso serejista yabakhona.
Izincwadi: lezi izincwadi eziya ekomidini noma ilezoezithunyelwe ikomidi. Ileyo naleyincwadi kumele yaziweikomiti ngoba isuke ithunyelwe ngegunya lalo.
Ilungu elilodwa kufanele lethule bese liqala ingxoxongephuzu elithile. Lokhu kungaba ukuthula iphuzu besekushiwo ukuthi zinyathelo zini esezithathiwe nokuthi yiniesisilele ukuthi yenziwe.
Khumbula ukuthi kubalulekile ukuthi wonke amalungu ekomidiakwazi ukuhlanganyela emhlanganweni. Usihlaloangawuqhoqhobali umhlangano.
Umsebenzi kasihlalo ukuhola umhlangano nge-ajenda ukuzekutholakale lokhu okumele kwenziwe. Usihlalo ufana nombhidi webhendi hhayi umhlabeleli uhlabelela ngayedwana.
Zama ukuthi kungabi uwena okhuluma kakhulu kodwaulalele ukuthi abanye bathini futhi ubheke ukuthi abaphumikwi-ajenda.
Bhala phansi amaphuzu abalulekile ngesikhathi sezingxoxo.
Yenza ukuthi umhlangano uhambe ngendlela ehlelekilelokhu kusho ukuqiniseka ukuthi izikhulumi ziyahlonishwa, abantu abalibali ukuhleka noma ukukhuluma emhlanganweni.
Zama ukuqeda umhlangano ngesikhathi.
Ikomidi lesigceme kemele lithathe izinqumo ngokuvumelana.
Imidanti emile ingase inqume ukuthi amakomidi ezigceme kufaneleathamele yonke imihlangano yawo, futhi ilungu eliphuthaemihlanganweni edlula kwemithathu ilandelana lingazangelivunyelwe lingakhishwa ekomidini yesigceme.
Imidanti ezimele inganquma indlela yokoziphatha emhlanganweni isibonelo ukulala, noma ukufika udakiwe emhlanganweni nomaukuba namazwi ayiziswana ngelinye noma amanye amalungukusho ukuziphatha kabi ngokwendlela yokuziphatha.
Imvume yokudlulisela ulwazi emphakathini (nomakumaphephandaba noma kwabezindaba bebonke) kufanelekuqondiswe kusihlalo. Ilungu lekomidi yesigceme okhipha izimfihlolingalandelanga imigudu efanele linecala.
USihlalo, emzamweni wokugcina ukuhleleka emihlanganwenilekomidi lesigceme, angakhipha ilungu lekomiti lesigceme (nomailungu lomphakathi) emhlanganweni. Usihlalo angacela ukuthilomuntu akhishwe noma alengiswe uma engayihloniphi imithetho.
Kuvumelekile ukuthi ukuvota kwenziwe ngokuphakamisa izandla, ngaphandle uma kunesicelo esicacile sokusebenzisa ivotieliyimfihlo. Uma sekuvotiwe abantu belingana ngapha nangapha, sekufikwe kwangqingetshe, usihlalo usebenzisa iviyo lakhelokunquma.
Imidanti emile ingabuye iqondise ngokuthi amalungu angayibuzakanjani imibuzo emhlanganweni noma ukuthi angakhulumaisikhthi esingakanani odabeni oluthize.
Ikomidi Eliphuthumayo: Ikomidi elincane, lesikhashanaelikhethelwe nje ukwenza umsebenzi othile.
Umthethosekelo: Imithetho ebusa leyo naleyo nhlangano.
Isiphakamiso: Lesi siphakamiso esibhaleke ngokuhlelekilebese sibekwa phambi komhlangano.
Ivoti eliphoswayo: Ivoti lokukhipha isinqumo.
Iyiphi indima angadlalwa umasipala endaweni yokusingatha amakomidi ezigceme ekuphatheni?
Kungani ukugcina amabhuku nokubika ngesimo sezimali kubalulekile?
Yimaphi amakhono amahle okusebenzisa ucingo?
Siyibhala kanjani umlando womuntu (CV)?
Imikhandlu kumele iphokophele ukuqiniseka ukubakhonankathizonke kwezinhlaka zokuphatha ezizohlala emihlanganweniyesigceme, ukusiza ikhansela lesigceme namalungu ukwenza umsebenzi wabo wokuphatha.
Ukuhlela, ukwakha noma ukukhomba indawo ekahle laphokuzohlanganyelwa khona futhi lapho umphakathi ungakwaziukufinyelela khona.
Ukusiza ngokutolika imibiko kanye nosomqulu.
Ukuletha amandla angeziwe nemikhankaso yokwazisaabantu engadingeka ukulungisela imihlangano emikhulu, uma kunesidingo.
Ukwakha nokuletha izinhlelo eziqhubekayo zokufundisanokwakhana ngokomqondo emakomidini ezigcemengesikhathi asibekelwe sokusebenza.
Ligcine imibiko ephelele futhi efanele amaminithiemihlangano, uhla lwezimali zekomidi ezingenayoneziphumayo, impahla ikomidi elinayo, izikweletu kanyenazo zonke izivumelwano zezimali azenziwe ikomidi.
Liqiniseke ukuthi zonke izinqalazizinda ezikhona zigcinekekahle futhi zisetshenziswa ngendlela eyiyo.
Liqiniseke ukuthi zonke izinyathelo zomthetho eziqondenenamakomidi ziyalandelwa na.
Liqiniseke ukuthi izinqumo ezithathwe yikomidi lesigcemezenziwe zibe semthethweni futhi zifakwe ehhovisi likaSomlomo ukuze zethulwe emkhandlwini ngezikhathiezikhishwe uSomlomo.
Ukubhala imibiko eqhubekela phambili yempumelelo kanyenokwehluleka, kubekwe izizathu zingakapheli izinyangaezimbili emva kokuphela konyaka wezimali.
Ukugcinwa kwamabhuku nekhono lokwenza imibiko.
Njengekhansela noma ilungu lekomidi lesigcemekungenzeka ukuthi udinge ukuphatha izimalizenhlangano yakho.
Ukugcina amabhuku yindlela yokulandela yonke imali engenayonaleyo ephumayo enhlanganweni. Indlela enhle yokugcinaamabhuku incike ebufakazini - futhi kubalulekile ukugcina wonkeamaphepha ahlangene nemali esetshenzisiwe noma eqoqiwe.
Imali engenile - le, iyoyonke imali engenile enhlanganweni kungaba ngeminikelo ngokwandisa isikhwama sezimali, ngemixhaso njll.
b Imali esebenzile - le iyoyonke imali esetshenziswe inhlangano ekuthengeni amaphepha nempahla yokubhala, ukuthutha, inkokhelo yasebhangi njll.
c Imali esele - le imali esele ekupheleni kwenyanga emva kokuthi sekwenzeke konke.
Inhlangano ingakwazi ukuhlelela kahle ikusasa ngobaizobe inalo lonke ulwazi oludingekayo ngemali engenayonephumayo.
Iyiphi imiqulu yezezimali okumele igcinwe?
Ngokomthetho yonke imiqulu okuthathwa kuyona ulwazi kumeleigcinwe. Imiqulu yolwazi iyona eyisiqiniseko semali engenilenaleyo ekhokhiwe.
Amarisidi lapha kufanele kufakwe: usuku lwesivumelwano, igama lekhasimende, igama lomthumeli mpahla, imininingwane ngalokho okukhokhelwayo kanye nesibaloesiphelele salokho okukhokhelwayo sibhalwe ngamagamanangezinombolo.
Izincwadi zokufakazela lemadlana encane esetshenziselwaukukhokhela izinto ezincane njengobisi, izitembu zokuposa.
Yonke lemiqulu kufanele ishicilelwe ebhukwini lezimali (cashbook) elitholakala kunoma isiphi isitolo esidayisa izincwadi.
Ukuphatha I akhawunti yasebhangi.
Inhlangano yakho kunokuba isinayo inqubomgomo yezezimaliukuhambisa ngomthetho inqubo nenkambiso elandalwayokuzozonke ezeimali.
Imvume esemthethweni yokusayina okuthile eziphathelene nezezimali enhlanganweni yakho. Enyeyalezizinqubo, ukuvula ibhuku lasebhange.
Amalungiselelo kufanele enziwe nebhangi enifuna ukuvula kulo, bese kuba nababili noma abathathu okuyibona abazosayinaebhange. (Lokhu kuzoya ngokuthi inqubomgomo yenhlanganoithini.) Uma inhlangano ikhetha I akhawunti yesheke, kunaleyoyokulondoloza, ibhange lizoyinika ibhuku lamasheke.
Ibhange lithumela inhlangano umbiko (isitatimende) kanyengenyanga esichaza wonke amasheke nezimali ezingenileebhukwini nalawomasheke nezimali eziphumile. Lombiko kumeleusetshenziswe ukuhlolisisa ukuthi imiqulu yezimali ekhona imi ngomumo na.
Imibiko yezezimali yonyaka.
Inhlangano kumele ilungise imibiko (izitatimende) yezezimaliekupheleni kwalowo nalowo nyaka wezimali. Lombiko uzonikaisithombe esiphelele ngemali engenile nezindleko ezibekhona, kanye nemali esele kulowonyaka.
Kujwayelekile ukuthi lokhu kungeniswe ingakapheli inyangaemva kokuphela konyaka wezimali.
Umcwaningi ozimele kumele ahlole amabhuku enhlanganominyaka yonke ukuze abone ukuthi konke kwenziwa ngendlelaeyiyo. Kuyaphakanyiswa futhi ukuthi uma kungenzeka, kwenziweucwaningo lwangaphakathi, lungakenziwa olwabacwaningiabazimele ukuqiniseka ukuthi inhlangano iyakwazi ukubonaukuthi izinto zihamba kahle. Imibiko yezimali esayiniwe ibeisidluliselwa emkhandlwini bese kuthi amakhophi ayiwo ngqoagcinwe endaweni ephephile.
Ukuntshontsha noma ukukhwabanisa, noma ukungazibhali phansiizimali zenhlangano kungenzeka kalula kakhulu.
Abantu bangakhipha imali ngamasheke aphumekungabhekisiswanga ukuthi zonke izimfanelo zikhona na.
Ikomidi lesigceme linemisebenzi eminingi ehlukahlukene okumeleliyenze esigcemeni. Lokhu kukhomba ukuthi uyoba cishe nolwazioluningi, amaphepha kanye nemiquluyaleyomisebenzi. Ukuze ukwazi ukwenzaleyomisebenzi kahle kuhle ukuba nendawoyokugcina lonke lolulwazi. Lokhu kusho ukuthiwonke amaphepha abalulekile ngesigcemenokusebenza kwaso kumele agcinwe lapho.
Ungayigcina kanjani yonke imiqulu ukuze kube lula futhi kusheshe ukuthola ulwazi kuwona Uhlelo oluhle lokugcina imiqulu lunguhamba ibanga elide ukukusiza ekubhekeleni ulwazi oluningi?
Ukuba nohlelo lokugcina kusho ukuthi noma ubani odinga umqulu uzokwazi ukuthi abheke kuphi. Ziningi-ke izindlel zokuhlela ukubeka imiqulu, kuya ngezidingo ezahlukahlukene.
Ukuthola indlela yokuhlela imiqulu wena oyidingayo, qala uthole konke ongakudinga ukugcina emibikweni - uma kungenzeka udinge ukuyibheka ngokuzayo. Kubalulekile ukugcina yonke imiqulu ephathelene nezezimali. Isizathu salokhu ukuthi imibuzo nezinkathazo eziningi zisukela emalini. Amakomidi kumele akwazi ukukhombisa nangasiphi isikhathi ukuthi kwenzekani ngaleyomali leyomali yasetshenziswa noma yatholakala kanjani, nini.
Okokuqala okumele ukwenze, ukuhlunga amaphepha nemiqulu uwafake ephepheni elibukhuni lokufaka izincwadi ezahlukene.
Ilelo nalelo phepha lokugoqa lizoba negama lohlobo lwalo.
Ikomidi lakho lesigceme liyalusebenzisa yini uhla lokugcinaimiqulu?
Iziphi ezinye izigaba ozisebenzisayo uma wenza uhla lokugcinaimiqulu - Awuzibhale ezinye zazo.
Ngohlu lokulandelana kwamagama ngokusebenzisauhlamvu lokuqala lwegama mhlawumbe lenkampani nomalomuntu. Uma usebenzisa amagama abantu, usebenzisauhlamvu lokuqala lwesibongo hhayi lwegama lakhe.
Isigaba esilandelayo esokugcina amafayela endaweni ephephile.
Ubani ozongamela uhla lokugcina imiqulu?
Lomuntu kumele aqiniseke ukuthi yonke imiqulu igcinwe ngendlelaeyiyo futhi endaweni efanelekile. Ukwengamela loluhla, akushoukuthi uwena osuzobopheka ukugcina imiqulu ohlwini.
Noma nini uma usebenzisa izindlela zokulobelana izincwadi njengendlela yokuxhumana izincwadi, izimemezelo, imibiko, izikhahlamezi nokunye umele ukwenza okumbalwa phambikokuthi uqale.
Ngifunelani ukubatshela lokhu?
Bhala phansi ofuna ukukusho.
Funda uhla osulubhalila bese uyanquma ukuthi ikuphiokubalulekile futhi ikuphi ongakushiya.
Lifunde futhi uze ube nesiqiniseko ukuthi umbiko ofunaukuwudlulisa iwona ngempela yini.
Yiba lula - sebenzisa amagama alula aqondwa yibobonke.
Izincwadi ziwuhlobo olujwayelekile yo kuxhumana ngokubhala.
Ikheli lakho nosuku incwadi ebhalwe ngalo.
Igama nesikhundla salowo ombhalelayo.
Isingeniso - esishoyo ukuthi uyibhalelani lencwadi.
Ufaka isicelo somsebenzi, ufaka isikhalazo, kukhona okubikayo noma kukhona okucelayo.
Isiqu - Ilapho ubhala khona ingqikithi yomlayezo yencwadi.
Umusho wokuphetha: Lapho usuphetha incwadi.
Isiphetho: Ukuvalelisa, igama lakho nokusayina.
Bheka isijobelelo 14 esinesiboniso sencwadi yomsebenzi.
Imicikilisho yalokhu kuxhumana kuyangobudlelwano onabo naloyo ombhalelayo.
Ulimi olusetshenziswayo kujwayeleke ukuthilungunwebi futhi lube lula.
Njengeminye yemisebenzi yakho njengelungu lekomidi lesigcemekungenzeka kudingeke ukuthi ubhale imibiko.
Uzodinga ukuxhumana nehhovisi likaSomlomo kamasipala wakhoukuthola ukuthi yiziphi izidingo zemibiko kamasipala, okufakaumlamulajuqu wemibiko. Kujwayelekile ukuthi nyangazonkemhlawumbe ngoLwesihlanu lokugcina enyangeni. IhhovisilikaSomlomo kungenzeka libe netemplethe yendlela yokubika.
Lokhu kuyasiza ngoba kuzokulawula ukuthi ufake konkeokudingekayo.
Bheka isijobelelo 18 okuyisibonelo setemplethe yemibiko.
Qonda ukuthi lesi kuphela isibonelo sokuthi umbiko ungawumisakanjani, okuqukethwe umbiko neziphakamiso okungathathwanjengokuhle kakhulu. Kungenzeka ucabange indlela yenqubonezixazululo engcono.
Iziphi izihloko ezahlukene?
Bheka ukuthi izihloko ezihlukene zinombolwe kanjani, namaphuzu ahlukene ngaphansi kwaleso naleso sihloko.
Uma ubheka izinhlelo okusetshenzelwa phezu kwazo, uzobona ukuthi ziyachaza ukuthi kungani kwenziwauphenyo, kumele luphele nini nokuthi lwenziwa ubani.
Ingxenye ekhuluma ngemibandela iyasitshela ukuthiumphenyi waqoqa luphi ulwazi mayelana nenkinga.
Imiphumela iyasitshela ukuthi watholani.
Okokugcina, umbhali wombiko kumele asayine igamalakhe, anike usuku lapho umbiko owabhalwa ngalo.
Kuyisu elihle ukuhlela umhlangano ophuthumayo emuvakokubekwa kwekomidi lesigceme ukwakha uhlelo lokusebenzalonyaka. Lokhu kumele kwenziwe minyaka yonke.
Umhlahlandlela ubeka ngokucacile izidingo ezinqala zekomidilesigceme nokuthi lifuna ukuzuzani. Lokhu kuzonikusiza ukuthiubone ukuthi niyazizuza yini izinjongo zenu. Kuzonisiza futhi umanibhala imibiko yenu eya kumasipala, njengoba kulindelekeukuthi nenze njalonjalo (esikhathini esiningi kanye ngenyanga).
Iziphi izindaba ezibalulekile emphakathini Angasiza nganiamakomidi ezigceme Nokuthi ningakwenza nini lokhu?
Iziphi izinkundla zomphakathi, njenge zempilo, ezamaphoyisa omphakathi, lapho ikomidi lesigceme lifunaukumelwa khona?
Iziphi izinhlangano zomphakathi noma iminyangokamasipala enifuna ukuzimema ukuthi zimeleke ekomidinilesigceme noma emihlanganweni yomkhandlu?
Obani abanganikwa miphi imisebenzi?
Iziphi izinto ezibalulekile noma ezijahekile enifuna ukuzenza kuqala nokuthi ikuphi okungalinda isikhashana?
Bheka isijobelelo 20 enesibonelo soHlelo Lomsebenzi wekomidilesigceme.
Abasebenzi benhlangano bejwayeleukuthatha imilayezo yabantu abangekho.
Amakhono okusebenzisa ucingo.
Kubalulekile ukuzwakala njengomuntu oqeqeshiwe uma ukhulumanomunye ngocingo endaweni yomsebenzi. Ukwenza lokhu kumeleube namakhono amahle okusebenzisa ucingo.
Phinda njalo inombolo otholakala kuyo. Yenza lokhu umaushiya inombolo komunye umuntu noma uthatha inombolo yomunye umuntu.
Uma ushayela omunye umuntu, yazi kabanzi ngomuntuofisa ukukhuluma naye.
Kuyisu elihle ukubhala phansi lokho ofuna ukukushongaphambi kokuthi ushaye ucingo khona ungezukukhohlwaobufuna ukukusho.
Bhala phansi yonke imininingwane oyinikwa abantuocingweni khona ungeke ukhohlwe ukuthi kufuneka wenzeni, njengokuthi uma uthola ucingo lokuthi kufanele ulungiseleumhlangano, bhala phansi imininingwane yokuthi nini, kuphi lapho kumele nihlangane khona.
Ingxoxo kumele uyiqede njalo ngokubonga lomuntu omunyengesikhathi sakhe.
Ungayisebenzisa iCV uma ufaka isicelo somfundaze, umxhasonoma umsebenzi womphakathi othize.
Sithe abantu abaningi basebenzisa iCV uma befuna umsebenzi.
Yiziphi ezinye izindawo lapho ungacelwa khona iCV yakho?
Siyini isabelo sezimali?
Kungani omasipala kumele babe izimali?
Iyini inqubo nemigomo yokwabiwa kwezimali?
Umasipala inhlangano eqoqa izimali zezakhamuzi nezinhlanganoezikuleyo ndawo eyabelwe. Uyabe ususebenzisa leyomalikulezozinsiza ezisiza bonke abantu abahlala kuleyondawo.
Lokhu kusho ukuthi izimali zikamasipala zenziwa izingxenyeezimbili ezibalulekile zokuvumelana - icala lemali engenayonecala lemali ekhokhwayo. Umasipala awukwazi ukusebenzisaimali engaphezu kwaleyo ayizuzayo. Ngalokho kubalilekileukuthi imali umasipala ayitholayo ilingane naleyo ayisebenzisayo.
Ukuqikelela lokhu umasipala usebenzisa isabelo sezimali. Isabelosezimali sohulumeni basekhaya iyona ndlela okuyiyonayokukhalima esetshenziswayo.
Isabelo sezimali sikamasipala uhlelo oludalula ukuthi kahle kahle imiphi imisebenzi nezinto umasuipala ofuna ukuzenza onyakeni olandelayo wezimali, ukuthi ilelo nalelo uhlelo luzodla malini, nanokuthi imalini ezodingeka ekwenzeni lemisebenzi.
Umasipala uphoqelekile ukwakha isabelo sezimali ngobaumthetho usho njalo. Kodwa akufanele wenze lokho kuphela.
Ukwakha isabelo sezimali kuyithuluzi elibalulekile lokuhleleka.
ezizolandela kuyithuluzi elibalulekile lokukhalima.
Ukwakha isabelo sezimali kusiza omasipala baphathe kahleizimali futhi bakwazi ukuthi bangasebenzisi imali ngaphezukwaleyo abayitholayo. Ikhombisa imali esetshenzisiwe kamasipala(ukuthi abaphathi bayisebenzisa kanjani imali yomphakathietholiwe) nangemali engenile (lapho nangendlela ohulumenibasekhaya bethola khona imali.
Isabelo sezimali sikamasipala siyinhliziyo kamasipala. Zonkeizinto ofisa ukuzenza kanye nayo yonke imali acabanga ukuyithola, ukusho lutho, ngaphambi kokuthi zibe esabelweni sezimali.
Iziphi izingxenye ezakha isabelo sezimali?
Nemali ezuzwa uMasipala ngentela.
Iyona ebeka uhlaka lwesabelo sikaMasipala bese, ihlanganyela nesiphathi mandla esikhulu sezezimali, nophethe umnyango ukuvuma izabelo zezimali zeminyango.
Emva kokuthi yonke imibono, iziphakamiso nezincomosezicutshungiwe, isabelo sezimali sibe sesethulwaemkhandlwini ukuze usivume. Lokhu kumele kwenzeke okungenani izinsuku ezingu 30 ngaphambi kokuqalakonyaka wezimali. Umkhandlu kemele futhi usamukelengaphambi kokuqala konyaka wezimali.
Uma umkhandlu ususamukele isabelo sokugcinaisiphathimandla esikhulu kumele sisethule kuNgqogqoshewezizimali zingakapheli izinsuku eziyishumi nane.
Isiphathimandla Esikhulu Sezimali isona esilungisa lombikookumele siqhathanise imali esetshenzisiwe naleyo esesabelweni.
Umahluko phakathi kwalokhu okubili kubizwa ngokuthiokwahlukile. Kungakuhle ukuthi umahluko ungabibikho kodwalokhu akuvamile ukwenzeka.
Ukuhlanganyela komphakathi ekwakheni uhlelo oludidinyelwelwentuthuko nesabelo sezimali zoHulumeni basekhayakubalulekile, nanjengoba izimali zingekho. Kunikeza abantuithuba lokubeka izidingo nezibono futhi libenze bangeneleleohlelweni lokubeka lokho abafuna kuqalwe ngakho.
Lokhu okulandelayo ezinye zezindlela imiphakathi engabambangazo iqhaza esabelweni sezimali zikaMasipala.
Ngokukhokhela izinsiza ezilethwa uMasipala njenga manzi, nogesi, ngesikhathi esifanele nyanga zonke.
Ngokunikeza imibono uma kusakhiwa isabelo sezimalizikaMasipala.
Ukuze bawenze kahle umsebenzi wabo, ngendlela enolwazi, amakhansela anelungelo lokuthola ulwazi lwezezimali nezibucikokubaphathi bakaMasipala. Amakhansela kumele abe nolwaziolucwele ngezithelo eziseduze nezikude zaleso naleso siphakamisosemali esetshenziswa oHulumeni basekhaya.
ngaphambi kokukhetha ukuthi isiphi isiphakamiso abonaukuthi isona esilungile uma ikhansela selinqumileselizokuthatha loku likwenze impikiswano yepolitiki.
Ukukhuthaza amalungu omphakathi ukukhusela impahlayawo (impahla kahulumeni).
Ikomidi lakho lesigceme liyahlanganyela yini ekwakhiwenikwesasabelo sezimali?
Uma lokhu kungenzeki, cabanga ukuthi ikomidi lakho lesigcemelingahlanganyela kanjani ekwakheni isabelo sezimali?
Kuyini ukuphathwa kokwenziwa komsebenzi?
Uluphi uhlelo lokwelusa nokukala umsebenzi?
Ukwakhiwa nokuqala kohlelo lokuphathwa kokwenziwa komsebenzi emikhandlwini kungaba ithuluzi elibalulekile ekuzibandakanyeni komphakathi kuHulumeni wasekhaya.
Umthetho womasipala iMunicipal System Acts ithi umasipala, ngezindlela, ngezinqubo nangezinkambiso ezifanelekile ezishiwo esahlukweni 4, kumele abandakanye umphakathi wendawo ekwakhiweni nasekuqaleni futhi abuyele emuva abheke uhlelo lukaMasipala lokuphathwa kwemisebenzi bese ngempela avumele umphakathi ukuthi uzibandakanye ekuhleleni izinkomba ezibalulekile zomsebenzi kanye nemigomo yemisebenzi kaMasipala.
Lesisahluko sifuna ukuchaza kakhulu ukuthi ukuphathwa kokwenziwa komsebenzi kuyini, kungani, kwakhiwa kanjani nendima kaMasipala kulenqubo.
Ukuphathwa kwemisebenzi kuwuhlelo olusetshenziswa ukuqininseka ukuthi zonke izigamu zenhlangano zisebenza ndawonye ukufeza izinjongo nemigomo ebekiwe.
Kuyisu labaphathi lokuhlangabeza, elihlomisa abaholi, abaphathi, abasebenzi nabathintekayo ezigabeni ezehlukene ngamathuluzi nezindlela zokuhlela njalo, zeluse njalo bese zibuye zibheke emuva ukuthi ukusebenza kwenhlangano ngokwezinkoma nemigomo ebekiwe yokufaneleka, ukusebenzisisa nomthelela.
Ukuphathwa kwemisebenzi kaMasipala kuyindlela ekabili yenqubo yokuxoxisana phakathi kukaMasipala nomphakathi osebenzisa izinsiza zikaMasipala. Ukusebenza kukaMasipala kube sekukalwa maqondana nezikalo ezibekiwe, ezakhiwe ngokuzwana futhi kuvunyelwane ngazo ngesikhathi senqubo yeIDP, ngokumele kwenziwe kuqala.
Ukuphathwa kokwenziwa komsebenzi akuqondile ukuba indlela yokujezisa kodwa kuyithuluzi lokusekela.
Kunika ulwazi olufanele ngokuphathwa ukuze kuthathwe izinqumo.
Kusiza ekubhekeni ukuthi umsebenzi wenzeke ngendlela obekuhlelwe ngayo.
Kuveza izinkomba zengozi masinyane mayelana nezinkinga ezingase zivele ekuqaliseni I-IDP.
Kukhuthaza ukwenziwa komsebenzi ngendlela okubhekwe ukuthi wenziwe ngayo.
Kumele ikhombise ukuthi izosebenza futhi iphathwe kanjani kusukela esikhawini sokuhlela kuze kufike esikhathini zokubhekwa komsebenzi nokubika.
Kumele icacise izindima nezibopho zamuntu ngamunye ngisho nezomphakathi wendawo, ekusebenzeni kwenqubo.
Kumele icacise inqubo yokuqalisa uhlelo ngaphakathi komkhombandlela wenqubo ye-IDP.
Kumele iqophe izikhathi zokubika, nini futhi ubani okubekwe kuye nezindlela zokuphendula ngemisebenzi.
Lawamathuluzi ajwayelekile abizwa ngokuthi izikali ezisetshenziswa ukuphatha ukwenziwa komsebenzi.
Isinyathelo sesithupha: ukubikwa nokubekwa kabushangemisebenziUma sithatha ngokuthi isilinganiso sokuphathwa kokwenziwakwemisebenzi sesikhona, uMasipala kuyomele aphendule ngokuthisisebenze kanjani uma siqhathaniswa nezikhalo ezibekiwe. Lokhukuyomele akwenze ngezakhiwo zokubika okuvunyelwene ngazonezinqubo zokubika imibiko ebuyayo kanye nokucebisangokusamele kwenziwe. Hayi ukuthi umkhandlu kuyomeleuziphendulele wona nezakhiwo zawo zangaphakathi kuphela, kuyomele futhi ulethe umbiko ngemisebenzi emphakathini.
Kufanele inqandane nohlu lokubaluleka, izinjongo, izinkomba kanye nemigomo equkethwe I-IDP.
Ukukhuthaza umphakathi ukuthi uzumbandakanye ekwakhiweni nasekwethulweni nasekubhekweni kabusha ukuphathwa kokwenziwa kwemisebenzi kamasipala nasekubekweni kwezinkomba zemisebenzi nemigomo yemisebenzi kamasipala.
Ukunquma ngenqubo yePMS. Ukukhetha abantu abayizohambisa lenqubo, beluse ukwakhiwa nokwethulwa kanye nenqubo yokuphatha.
Imenenja kamasipala Isibopho nje sonke sokuphathwa nokuhlanganisa ukuthi bonke abaneqhaza bambandakanyele nokuthi inqubo ihamba njongoba kuhleliwe.
Ukucwaningisisa izikalo zomsebenzi.
Imiphakathi njenga bantu abaneqhaza elibalulekile, ibhekweukuthi idlale indima ebonakalayo ekwakheni iPMS kamasipala.
Imiphakathi iyabandanyeka ekwakhiweni kwePMS kamasipala.
Ngokushushumbisa ukukhonjwa okubalulekile kuqala, ukukhethwa kwezenkomba nokubekwa kwemigomo.
Nokufuna ukuthi umkhandlu unikeze amathuba okusho ngomsebenzi wekomidi lokucwaninga ngokusebenza.
Yini okumelwe kubikwe ngayo, kubani futhi nini.
Kuzohlolwa futhi kubhekwe kanjani kabusha ngomsebenziokubikwe ngawo.
Umbiko obuyela emva uzokwenziwa kanjani.
Umbiko wonyaka oya ezakhamizini ngendlela efanalekileozokwenziwa kanjani.
Ukubheka kabusha kungasebenza kahle kuphela uma ulwazingomsebenzi owenziwayo lwaziwa okusho ukuthi ukwalusanokuhlola sikwenzekele lolu lwazi lukhomba lapho izinto zenzekakhona nalapho zingenzeki khona bese lwazisa inqubo yokuhlela, kufakwa nokuhlelwa kwemisabenzi ekhishiwe, ukwakhiwa nokuqalisa komsebenzi.
futhi amalungu ekomodi lesigceme kumele azi ukuthiazoyithola nini imibiko abese eyiyisa emphakathini.
Uma kunjalo, lalizibandakanye kanjani?
Uma kungenjalo, ucabanga ukuthi lingazibandakanya kanjani?
